
IJOMBA Fringe 2020 Ishaya Ngonyawo Olusha
Click here for English version
Ngesikhathi sokukhungatheka komhlaba ukhungethwe yi-COVID-19 kanye nemiphumela yayo ezinhlelweni zikaqedisizungu, i-JOMBA! Contemporary Dance Experience ethandwayo, nehlelwa yi-Centre for Creative Arts eKolishi LezesiNtu, yenze izinhlelo zayo ngendlela ehlukile ngenkathi imemezela ukuthi eyangonyaka wezi-2020 izokwenziwa kuNcwaba (August).
‘Kuyacaca ukuthi ngeke sikwazi ukwenza iJOMBA! ngendlela enjengeyeminyaka edlule,’ kusho uMqondisi wezoBuciko weJOMBA uDkt Lliane Loots. ‘I-COVID-19 ishintshe izinto kakhulu emkhakheni wezobuciko kanti singeminye yemikhakha ekhahlamezeke kakhulu ngalesi sikhathi nangemuva kwe-COVID-19. Kodwa njengendawo yezobuciko, enika amaciko inkundla yokwenza ubuciko obusha nomdanso, sikholwa ukuthi kufanele siqhubeke nomsebenzi wethu, yingakho sesiqalile ukuhlelela iJOMBA! 2020 entsha.’
ULoots wengeze ngokuthi: ‘Inhloso ukubona iJOMBA! iyisibonelo esihle sokuthi ifestiveli yomdanso ingaba yini ngalesi sikhathi esikhulu emlandweni wethu. Ngenkathi siqala sihlanganisa uhlelo olumnandi sinxuse ukuthi abantu bafake izicelo ngendlela yokuxhumana ngobuchwepheshe yokungenela i-JOMBA! Fringe 2020.’
Abadidiyeli bomdanso, abadansi nezinkampani zomdanso ezithuthukile nezisafufusa zicelwe ukuthi zifake izicelo ukungenela i-JOMBA! Digital Fringe.
Njengoba iJOMBA! iyifestiveli yomdanso wesimanje kubhekwe zonke izinhlobo zomdanso kodwa kwanakwa umdasno waseNingizimu Afrika nowase-Afrika. Kuphinde kwabhekwa imidanso eqanjelwe neyenzelwe amafilimu nezinkundla zokuxhumana ngobuchwepheshe.
Ithimba longoti (balapha nabaphesheya) lihlulele imidanso eyethulwe kwiJOMBA! Digital Fringe nemidanso ye“Pick-of-the-Fringe” ezomenyezelwa esidlangalaleni.
Amagama: ngu-Melissa Mungroo
Isithombe: Sithunyelwe